Isisho esithi 'umuntu ngumuntu ngabantu' isisho esidumile futhi isisho esithandwa kakhulu abantu abamnyama, ikakhulukazi thina bantu besiszwe sakwaZulu.
Lesi sisho ngiyasithanda ngoba sibhanqga wonke umuntu, asisho ukuthi isigwili, isahlupheki, ingane, omnyama, omhlophe, owesilisa noma owesifazane ngumuntu ngabantu kodwa sithi umuntu ngumuntu ngabantu. Lesi sisho ke sizala ingqikithi yokubaluleka kokuzithoba. Ukuzithoba ke akuyona into ejulukisa umhlane kodwa into ethatha ukutshela ingqondo ukuthi phela umuntu ngumuntu ngabantu, uma usumila impakamo, uvukelwa amathumbu emakhwapheni ubani oyokusiza ezikhathini zezivunguvungu?
Uma ngingenza isibonelo ngabantu abakhombise ukuzithoba benethuba lokwenza ngaphandle kwakho uNelson Mandela nosaziwayo waseMelika u-Oprah Winfrey. UNelson Mandela ubehlezi ekuqgamisa aukubaluleka kokuzithoba. Impela umvuzo wokwenza kwakhe kumnike ukuthandwa wumhlaba wonke nomngcwabo wakhe waba indumezulu. U-Oprah yena owomunye wabambalwa engeke uzwe lutho olubi ngabo emaphepheni noma izindabeni. Noma ngabe ikephi lapho afika khona othola ukujabulelwa okukhulu.
Baningi-ke abagcwele impakamo kanti laba bantu bathole imivuzo yakho loko. Phela isalakutshelwa sibona ngomopho. Omunye walabantu usaziwayo osehamba emhlabeni u-Amy Winehouse. U-Amy wagcina ngokubona igodi ngoba wayengaleli izihlobo nabangani bakhe bemkhuza ngezidakamizwa.
Baningi ke abanye abantu abalahlwe impakamo, abakushaye phansi ukuzithoba njengo Muamar Gaddafi waseLibya, uRobert Mugabe waseZimbabwe kanye banyƩ.
Khumbula phela isalakutshelwa sibona ngomopho.
No comments:
Post a Comment